Autumn Graduation
Ceremonies 2024
World University Rankings - Top 600

Interdict Order – 06 Feb 2018 – IsiZulu

Interdict Order – 06 Feb 2018 – IsiZulu

INKANTOLO YEZABASEBENZI ENINGIZIMU AFRIKA

INOMBOLO YECALA: D62/18

Umhlonishwa Umahluleli Gush UNQUME ngomhlaka 6 February 2018

Odabeni oluphakathi kwe:

DURBAN UNIVERSITY OF TECHNOLOGY (Applicant)

kanye

TERTIARY EDUCATION NATIONAL UNION OF SOUTH AFRICA – “TENUSA” (First Respondent)

NATIONAL EDUCATION HEALTH & ALLIED WORKERS UNION – “NEHAWU” (Second Respondent)

NATIONAL TERTIARY EDUCATION UNION – “NTEU” – (Third Respondent)

MEMBERS OF THE FIRST TO THIRD RESPONDENTS AS LISTED ON ANNEXURE “X” (Fourth to Further Respondents)

ISINQUMO

Ngemumva kokufunda nokucwaninga lolu daba:
UMYALELO WENKANTOLO UTHI:

Umthetho umema bonke laba abadalulwe ekuqaleni kwalomyalelo wenkantolo (kusuka kunombolo 1 kuya ku 4) ukuba bachazele inkantolo ungakashayi umhlaka 13 March 2018 ngo 10h00, noma ngaphambili kwalokho, ukuthi kungani lesinqumo esilandalelayo kungamele sithathwe:

(a) Ukuthi lesisicelo siyaphumthuma futhi kuyaphoqa ukuthi siceze ekulandeleni imigomo ejwayelekile yaleNkantolo eHloniphekile.

(b) Izinyunyana ezingabaphenduli nezibambisene nabo ukuba bangabi nelungelo noma nemvumo yokwenza lokhu okudalulwe ngenzansi:
(i) Yokulimaza, ukusabisa, nokuhlukumeza abafundi, abasebenzi, abahlinzeki zidingo noma nanoma imuphi umuntu oza emagcekeni omfaki-sicelo (Durban University of Technology).

(ii) Ukulimaza noma ukususa impahla yomfaki-sicelo (Durban University of Technology).

(iii) Ukuvimba, noma ukuphazamisa izindawo zokungena emagcekeni omfaki-sicelo (Durban University of Technology).

(iv) Ukuvimba noma ukuphazamisa indlela yokungena emagcekeni omfaki-sicelo (Durban University of Technology), ngezinyawo noma ngemoto.

(v) Ukuphazamisa uhlelo lokubhalisa, ukufundisa, ukufunda noma ikuphi okuhambisana nohlelo lomfaki-sicelo (Durban University of Technology) olujwayelekile.

(vi) Ukuphulwa kwemigomo eyengamele Isivumelwano Sokubhikisha somhlaka 15 January 2018.

(vii) Ukuhlela nokugqugquzela izenzo emagcekeni omfaki-sicelo (Durban University of Technology) ezingahambisani nemigomo yesiVumelwano Sokubhikisha somhlaka 15 January 2018.

(c) Nokunika igunya kumfaki-sicelo elizomvumela ukuba afune Isinxephezelo kulabo abadalulwe ekuqaleni kwalencwadi.

(d) Nokuthi labo abadalulwe kulencwadi bazophoqwa ukuba bakhokhe izindleko zalesi sicelo ngokubambisana noma ngezihlandla ezahlukene.
Lokhu okubhalwe ngenhla kumaqoqo 1 (a) no (b) kuzosebenza njengoMyalelo wesikhashana kusuka manje kuze kube khona isinqumo esiwujuqu sesicelo.

Ukusebenza kwaloMyalelo kuzovezwa kanje:

(a) loMyalelo uzonikwa umsunguli walezizicelo e B Block, Ground Floor, ML Sultan Campus, ML Sultan Road, Durban.

(b) loMyalelo uzonikwa umphenduli wesibili kulabo abakuhla olungasequqaleni kwalencwadi e 5th Floor, Open House, Steve Biko Road, Durban.

(c) loMyalelo uzonikwa umphenduli wesithathu kulaba abakuhla olungasekuqaleni e B Block, Ground Floor, ML Sultan Campus, ML Sultan Road, Durban.

(d) loMyalelo uzofakwa ezindaweni ezikhethekile emagcekeni omfaki-sicelo (Durban University of Technology), okubalwa iSteve Biko Campus (Steve Biko Road), ML Sultan Campus, Ritson Campus, City Campus (Old Dutch Road), DUT Brickfield Campus (Brickfield Road) and Midlands Campus (Pietermaritzburg).

(e) Ngokufaka loMyalelo ezindaweni zokungena emagcekeni omfaki-sicelo (Durban University of Technology), okubalwa iSteve Biko Campus (Steve Biko Road), ML Sultan Campus, Ritson Campus, City Campus (Old Dutch Road), DUT Brickfield Campus (Brickfield Road) and Midlands Campus (Pietermaritzburg).
ISINQUMO SIKHISHWE INKANTOLO

No comments